Usuku Lwabasebenzi

Mayelana Wikipedia

Usuku lwabasebenzi ( IsiNgisi : Workers Day ) yiholide lomphakathi lesizwe laseNingizimu Afrika kusukela ngonyaka we-1994 ligujwa mhla zi-1 uNhlaba minyaka yonke. Leli holide ligujwa emazweni angama-80 lapho libizwa khona nge- International Workers Day kwezinye izindawo laziwa nge- May Day . Ngalolu suku kususuke kugujwa iqhaza elibanjwa ngabasebenzi ezweni lilonkana, lugqugquzelwa Izinhlangano Zabasebenzi . Ngalolu suku kusuke kukhunjulwa abasebenzi abalahlekelwa izimpilo zabo esehlakalweni esaziwa nge Haymarket Affair ngonyaka we-1886 lapho babebhikishela ukuthi kwehliswe amahora okusebenza abe yi-8. ENingizimu Afrika kusuke kukhunjulwa uqhaza elibanjwa abasebenzi ezweni laseNingizimu Afrika, okuyibo abadlala indima enkulu ekuqhubeni umnotho walelizwe.

Umlando [ hlela | Hlela umthombo ]

Umlando waleli holide ubhekiwas umuva kwi- Haymarket Affair eyenzeka endaweni yaseChicago ezweni laseMelika lapho amaphoyisa ayezama ukuhlukanisa iqulu labhikishi ngonyaka we-1886. Abasebenzi babebhikishele ukuthi kwehliswe amahora okusebenza osukwini, abe yi-8. Lombhikisho wabe ungenelo udlame kodwa kwaba khona umhlaseli ongaziwa owaphosa ibhomu emaphoyiseni, amaphoyisa aphendula ngokudubula ababhikishi bengahlomile ngezinhlamvu eziphilayo. Lesi sehlakalo saholela ekutheni kufe abasebenzi abayi-8, kwalimala amaphoyisa angama-60 kanye nesibalo esingaziwa sabalimala nabafa sabebebukela [1] . Yize lesi sibhicongo senzeka ngonyaka we-1886 kodwa kodwa usuku le-1 Nhlaba laqala ukubizwa ngeholide ngonyaka we-1891 emva kwemibhikisho eminingi eyabanjwa emazweni ahlukhlukene yizinhlangano ezinigi zabasebenzi ezahlukahlukene [2] . ENingizimu Afrika kusuuke kugujwa iqhaza elabanjwa izinhlangano zabasebenzi kanye nezinyunyana ekulweni nohulumeni wobandlululo ngeminyaka yama-80.

Umlando woSuku Lwabasebenzi eNingizimu Afrika [ hlela | Hlela umthombo ]

Ngonyaka we-1922 kwaba khona imibhikosho emikhulu eNingizimu Afrika yenziwa ngabasebenzi basezimayini kodwa yabe ithola ingcindezi enkulu kuhulumeni. Ushintso lwaba khona ngonyaka we-1973 lapho kwaba khona imobhikisho eminingi eThekwini eyaholela emzabalazweni, eyaholela ekuvumbukeni kwezinhlangano ezimele abasebenzi. Lokhu kwaholela ekubunjweni kwenhlangano yabasebenzi basezimayini eyqanajwa mgokuthi i- National Union of Mineworkers ngonyaka we-1982. Lenhlanagano yabe inobudlelwano obukhulu neqembu le- i Congress of South African Trade Unions (COSATU) yona eyabunjwa ngonyaka we-1985 nayo eyabe inobuhlobo obukhu neqembu le- United Democratic Front (UDF) lamaqembu ayehlangen engenhloso yokuyoqeda ubandlululo [3] .

Ususku Lwabasebenzi emva kwe-1994 [ hlela | Hlela umthombo ]

Ngonyaka we-1994 emva kokhetho lokuwqala lwentando yeningi usuku loku-1 uNhlaba labekwa njengeholide, elaziwa njengoSuku Lwabasebenzi. Ngalolu suku inhlangano enkulu emele abasebenzi i Congress of South African Trade Unions (COSATU) ibamba amamshi kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika ukugcizelela ukubaluleka kokuba khona kwemithetho evikela abasebezi. Imashi enkulu ibanjwa eThekwini eCurries Fountain Staa`dium, okuyilapho imibhikisho emikhulu ngonyaka we-1973 yahlanganaisa khona izinkumbi zabasebenzi. Kulombhikisho kwahlanaga abasebenzi abalinganiselwa kwabayizi-100,000 beshamela amholo angcono . kulamamashi asuke ebanjwe ngalolu suku abasebenzi basuke bemashela inhlalakahle kanye nezimo ezisemgangathweni zokusukebenzela.

Ngosuku Lwabasebenzi umongameli wezwe wethula inkulumo lapho kusuke kubanjwe khona imashi enkulu, ngokuhlelwa yi- COSATU Uhulumeni ngokubona ukubaluleka kwalosuku wenze imithetho eminingi ezama ukuvikela amalungelo abasebenzi emsebenzini, ukuze bangaxhashazwa ngabaqashi. Lemithetho futhi yenzelwa ukuba ubudlelwano phakathi kwabaqashi kanye nabasebenzi buhlezi buqinile. Isigaba sama-22 somthethosisekelo waseNingizimu Afrika sisqinisekisa ukuthi wonke umuntu unelungelo lokukhetha umsebenzi umsebenzi othandwa nguye, futhi umqashi nabasebenzi banelungeno lokwe noma imuphi umsebenzi, ngokwemibandela abavumelana ngayo [4] . Imithetho eyenziwe nguhululmeni waseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi amalungelo absebenzi avikelekile, singabala le:

  • Umthetho wokuHlobana nabaSebenzi we-1995 ( Labour Relations Act of 1995)
  • Umthetho weZempilo nezokuphepha eziMayini we-1996 ( Mines Health and Safety Act 1996")
  • Umthetho wekuQashwa ngokuLingana we-1998 ( Employment Equity Act 1998 )
  • Umthetho weMibandela eyiSisisekelo yokuQashwa we-1997 ( Basic Conditions of Employment Act 1997 )

Usuku lwabasebenzi libuye lisetshenziswe njengendawo lapho lapho kuveza izinkinga ezibheke nezwe laseNingizimu Afrika okubalwa kuzo ukuntuleka kwamathuba emisabenzi, ukungelingani ngokomnotho, kanye nezinkinga zokucwasana ngokobhlanga nozo zonke izindlela zokubandlululana.

Bheka futhi [ hlela | Hlela umthombo ]

Imithombo [ hlela | Hlela umthombo ]

  1. [1] Haymarket and May Day, Encyclopedia of Chicago
  2. [2] Workers' Day South Africa, Cape Town Magazine
  3. [3] May Day:understanding the history of workers' rights in South Africa, South African History African Archive
  4. [4] [ dead link ] How to ensure more South Africans celebrate Workers Day as workers? Business Live