Amanzi
ayisiqa sevanga
esingaphili, esiluntwentwe, esinganambitheki, esinganuki, nesicishe sangaba nambala, esiyisakhi esiyinhloko samanzimbulunga
emhlabeni
noketshezi bazo zonke
iziphili
ezaziwayo (okuyilapho asebenza njengesincibikilisi). Abalulekile kuzo zonke izinhlobo zokuphila, nakuba engazihlinzeki ngokudla, impekumpeku, noma ngezincinciMisoco ezingokwemvelo. Ukubumbeka kwawo ngokwevanga, H20, kukhomba ukuthi imizwayi yawo ngawodwa iqukethe
isOhwe
elilodwa namaHwanzi amabili angamaChwe, axhunyaniswe
uMnananzuba
.
AmaChwe
eHwanzi anamathelene neChwe lesOhwe engonini engama-104.45°. "Amanzi" igama lesimo esiluKetshezi se-H2O ezingeni lokushisa nokucindezeleka okuvamile.
Amanzi atholakala ngezimo ezimbalwa. Akha ukukhumanqa ngesimo semvula nokusahowo ngesimo senkungu. Amafu aqukethe amathonsi wamanzi neqhwa, okuyisimo sawo esinqumile. Lapho lihlakazwa, iqhwa
eliwumncwebe
likhumanqa ngesimo seqhwa. Isimo esiluhowo samanzi siwumusi nomhwamuko wamanzi.
Amanzi asibekela ubuso bomhlaba obungaba ama-71 ekhulwini, izilwandle nezidwadwa kuyizo ezakha amanzi amaningi ngomthamo (angaba ngama- 96.5%). Izingxenye ezincane zamanzi zitholakala njengamanzi aphansi (1.7%), amanzi asemaqeqebeni nasemchpheni weqhwa e-Antarctica nase-Greenland (1.7%), kanye nasemoyeni njengomhamuko, amafu (aqukethe amaqhwa namanzi awuketshezi alenga emoyeni), nokukhumanqa (0.001%). Amanzi ahamba ngokuqhubekayo ngomjikelezo wamanzi wokuhwamuka,