uNomjubane
, noma
uMekhyuri
(uphawu:
)
ngumzulane
wokuqala nomcinyane
kuzungezohlelo lweLanga
, futhi useduze kakhulu
nelanga
. Uzungezo lwawo elangeni uthatha izinsuku zikaNomkhubulwane ezingama-87.97, okungezimfishane kunazo zonke zemizulane yelanga. Uqanjwe ngokuthi uNomjubane ngenxa yakho lokho, ngoba uzungeza ilanga ngejubane elisheshayo kuneminye imizulane. Njengo
Nokhwezi
, uNomjubne uzungeza ilanga ngaphakath kozungezo lukaNomkhubulwane njengomzulane omaphakathi
(interior planet)
. Ukuba seduze nelanga kusho ukuthi lomzulane ungabonwa kuphela uma useduze nomkhathizwe osentshona kusihlwa noma kumkhathizwe osempuma ensasa. Kulezi zikhathi, uzobonakala
njengenkanyezi
egqamile, kodwa kunzima ukuwaqapha kunoNokhwezi. Uma uwubuka usemhlabeni kuNomkhubulwane, isihlongamkhathi siveza lomzulane kuzo zonke izimo zokuba umzulane, okuyinto efanayo ngoNokhwezi
nenyanga
, okwenzeka ngenkathi yawo yokuhlangano ngenanifuphi okuyizinsuku eziyi-116.