Umsakazo
ubuchwepheshe bokuyabiza
(signaling)
nokuxhumana ngokusebenzisa
amaza omsakazo
. Amaza omsakazo
angamaza wenzubawonga
omjinge ophakathi kwamahaza angama-30 (Hz) namahazakazi angama-300 (GHz). Aphehlwa ngesilekeleli samazuba esibizwa ngesifufukisi
(transmitter)
esixhunywe kwisihoshamoya
(antenna)
esiyonza amaza, futhi amukelwa esinye isihoshamoya esixhunywe kwisamukezi msakazo. Umsakazo usetshenziswa kabanzi kwezobuchwepheshe banamuhla, kwezokuxhumana ngomsakazo, isifuniseli, ukugegeleza ngomsakazo, ukulawula buqamama, ukuzwa buqamama, nakweminye imisebenzi.