Uqwembe lothimba lokhuni enezinkomo ze-Staunton
Uqwembe lothimba
liwuqwembe lomdlalo olusetshenziselwa ukudlala
uthimba
. Liqukethe amagcagcane angama-64, izinhlu eziyisi-8 nemiqobe eyisi-8, okuyilapho izinkomo zothimba zibekwa khona. Loluqwembe lumise okwegcagcane (square) futhi lunemibala emibili yamagcagcane amancane, omnyama nomhlophe, ngesifanelo esimabhadubhadu. Lapho kudlalwa, uqwembe lumiswa ngendlela eyenza ukuba ingoni yegcagcane elingakwesokhohlo ecaleni lomdlali ngamunye kube elombala omhlophe.