Ucwazi
igama elihlanganisa izinhlobonhlobo zezinto ezilunjanisiwe noma ezikhandwe
ngezithako
ezilunjaniswe kancane kusetshenziswa
izintshogcezi
njengezithako eziyinhloko.
Ubucwazi
bazinto eziwucwazi benza kube lula ukuba zicabayeke, zakheke noma zicindezelwe zibe izinto ezinqumile zemimo ehlukahkukene. Ukubumbeka kanye nezinye izakhi ezinhlobonhlobo ezifana nokuba luhlengesi, ukungagugi, ukubhebgcezeka, nokungambi eqolo lapho zikhiqizwa, kwenze kwanda kakhulu ukusetshenziswa kwazo. Ocwazi bavame ukukhandwa ngokwezimiso zezimboni ezinkulu. Iningi locwazi banamuhla bakhandwa kususelwa ezivuthisini zeziqa ezifana nohowo lwemvelo noma
amafuthetshe
; kodwana, izindlelasu zokukhiqiza zezimboni zakamuva zisebenzisa imixhantela ekhandwe ngezithako ezivuselelekabusha, ezifana nalezo ezigqotshwe kummbila noma kukotini.