uTho
ngokomChazandalo omdala
nomchazatho
ovamile luyinoma yisiphi
isiqa
esinesisindo futhi esidla umkhathi ngokuba
nomthamo
. Zonke izinto zansukuzonke ezithintekayo ekugcineni zakhiwa
amaChwe
, wona akhiwa
izinhlayiyana zechwe
(“
subatomic particles
”), futhi ngokolimi lwesayensi, "uTho" ngokuvamile luhlanganisa amaChwe nakho konke okuthakwe ngawo, nazo zonke izinhlayiyana ezenza sengathi zinakho kokubili, ingqumbi kanye nesisindo. Kodwa azibalwa
izinhlayiyana ezingenasisindo
ezifana
namaBane
, noma ezinye izimongotho eziyimpekumpeku noma amaGu
anjengokukhanya
noma
umChadamezo
. UTho lutholakala nangezimo ezingafani, ezihlanganisa isimo
esiNqumile
,
esiluKetshezi
nesiluHowo
-- ngokwesibonelo amanzi atholakala eyiqhwa, engamanzi awuketshezi futhi engumusi oluhowo-- Kodwa ezinye izimo nazo zikhona ezihlanganisa
uNyazani
,
imiJiyo kaBose-noEistein
,
imiJiyo yeFelimi
noNyazani lweNkemfe-Ngcinyani
.
Ngokuvamile amachwe angacatshangwa njengendeni
yezinelesi
nezi
ntunge
, kanye "nefu" elizungezile
lezinzuba
'ezithatha indawo'. Kodwa kuyiqiniso ingxenye kuphela, ngokuba izinhlayiyana zechwe nezakhi zazo zilawulwa isimo sazo somngako, okusho ukuthi azicondoze ngendlela izinto ezivamile zansuku zonke ezibonakala zicondoza ngayo ? zicondoza njengamaza kanye nezinhlayiyana futhi azinabo ubungako obuchasiswe kahle noma izikhundla. Enongweni lwendinganiso
(Standard Model)
lomchazandalo wenhlayiya, utho alusona isicabango esiyisisekelo ngenxa izakhi eziyisiseko zamachwe ziyizinto zomngako ezingenabo "ubungako" ngokwendabuko noma "umthamo" nganoma imuphi umqondo wansuku zonke.