uMiriam Makeba
|
---|
Miriam Makeba, ngo1968
|
Background information
|
---|
Igama lokuzalwa
|
uZenzile Miriam Makeba
|
---|
Ubezalwa
|
4 ngoNdasa 1932
(
1932-03-04
)
eGoli
,
eNingizimu Afrika
|
---|
Ubefa
|
9 ngoLwezi 2008
(
2008-11-09
)
(iminyaka ama-76)
[iTaliya|eItaliya]
|
---|
Izinhlobo
|
i-Afropop
,
|
---|
Abasebenzi
|
umculi
|
---|
Amaqembu
|
Manteca
, Strut, RCA, Mercury, Kapp, Collectable, Suave Music, Warner Bros., Reprise, PolyGram, Drg, Stern's Africa, Kaz, Sonodisc
|
---|
UZenzile Miriam Makeba
(4 ngoNdasa 1932 ? 9 ngoLwezi 2008) ungumculi nomzabalazi nomlingisi wase
Ningizimu Afrika
. Amaculo akhe aziwayo aqukatha
uPata Pata
no
Qongqothwane.
[1]
Uyaziwa futhi umsebenzi wakhe wokuphikisana nohulumeni wobandlulo waseNingizimu Afrika. Ubizwa ngo-“Mama Africa”.
[2]
[3]
Uvela
eGoli
eNingizimu Afrika. Ngo1954 uMakeba wahlanganyela ibhendi i- “Manhattan Brothers”, bese wenza ibhendi labesifazane, i-Skylarks.
[2]
UMakeba wayedlala nakumafilimu u-“Come Back Africa” (1957) no “King Kong (1959).
[4]
UMakeba wacula amaculo amabili kwifilimu u-“Come Back Africa.”
[5]
Lifilimu ngezimpilo zabantu emalokishini. Ifilimu ligxeka uhulumeni waseNinginzimu Afrika.
Ngo1960, washiya iNingizimu Afrika, wahlala kuqala eLondon, kamuva
eMelika
. Uma wafuna ukubuyela eNingizimu Afrika ukuba avakashele umama wakhe ogulayo, waqala ukuzwa ukuthi ipasipoti lakhe laseNingizimu Afrika lithathiwe.
Ngo1960 uMiriam Makeba wadlala irekhodi lakhe lokuqala laphoecula yedwa. Wacula ihubo “Qongqothwane” noma “The Click Song”. Liculo lesiXhosa elaliculwa ngomshado. Kamuva, wathola ukuthi abelungu baseNingizimu Afrika babiza leli culo
ngoClick Song
ngoba abakwazi ukuthi
Qongqothwane
.
[6]
Ngo1963 uMiriam Makeba wakhuluma ngohulumeli wobandlululo Ezizwe Ezihlangeneyo.
[7]
UMiriam Makeba noHarry Belafonte baqamba irekhodi “
An Evening With Belafonte/Makeba.
” Leli reckhodi lazuza i-Grammy ngo1966
[2]
. Iculo lakhe u
Pata Pata
laphumelela . EMelika layiBillboard Hot 100.
[8]
UMiriam Makeba wathi, “leli culo lincane” ngoba lalingomdanso. Kodwa lalithandwa kakhulu.
[9]
Ngo1966 wagana isazimculo
uHugh Masekela
. Bahlangana ngesikhathi besebenzela ifilimu u
King Kong
. Bahlukanisile ngo1966. Futhi ngo1986 wacula kwi-albhamu “Graceland” noPaul Simon
neLadysmith Black Mambazo
. Leli albhamu alizuzanga i-Grammy kodwa kwakukhona ukuphikisana ngoba abantu abanye babecabanga ukuthi uPaul Simon waduba ibhoyikhothi kahulumeni wobandlulo waseNingizimu Afrika.
[10]
Ngo1968 uMiriam Makeba washada futhi. Washada uStokely Carmichael owayengumzabalazi wamalungelo abantu eMelika. Babengathandwa eMelika, yingakho baya eGuinea. Bahlala eGuinea, kodwa uMiriam Makeba wacula emhlabeni wonke jikelele. Wacula eZaire ngo1974 ngesikathi se-Rumble in the Jungle, umlo wesibhakela kaGeorge Forman noMuhammed Ali. Ngo1990 wabuyela eNingizimu Afrika.
[7]
Wenza i-albhamu u
Homeland
. UThabo Mbeki wamkhethela i-Goodwill Ambassador yeNingizimu Afrika. Waqhubeka esacula emhlabeni jikelele. Wayeyocula eItaly ngesikhathi lapho washona ngomuhla we-9 kaNovemba ngo2008.
[7]
- ↑
Cowell, Alan (10 November 2008).
"Miriam Makeba, 76, Singer and Activist, Dies"
.
New York Times
. Kulandwe ngomhlaka
29 Novemba
2008
.
- ↑
2.0
2.1
2.2
"Miriam Makeba dies in Italy"
.
Mail & Guardian
. South Africa. 10 November 2008
. Kulandwe ngomhlaka
26 April
2008
.
- ↑
"Uzokhunjulwa ngomculo uMiriam Makeba"
.
News24
. South Africa. 13 November 2014
. Kulandwe ngomhlaka
26 April
2008
.
[
dead link
]
- ↑
Mhlongo, Edmund (07 August 2017).
"IKing Kong yaba ivulandlela"
.
Bayede
. South Africa
. Kulandwe ngomhlaka
26 April
2018
.
[
dead link
]
- ↑
Allen, L. (2002). SEEKING THE SIGNIFICANCE OF TWO 'CLASSIC' SOUTH AFRICAN JAZZ STANDARDS: SOUND, BODY, RESPONSE.
English Studies in Africa.,
45
(2), 91.
[1]
- ↑
Soul Power
, 2008
,
https://www.imdb.com/title/tt1277736/fullcredits?ref_=tt_cl_sm#cast
- ↑
7.0
7.1
7.2
Allen, Lara (2008).
"Remembering Miriam Makeba"
.
Journal of the Musical Arts in Africa
5
(1): 89-90.
doi
:
10.2989/JMAA.2008.5.1.6.789
.
https://www-tandfonline-com.ezproxy.bu.edu/action/showCitFormats?doi=10.2989%2FJMAA.2008.5.1.6.789
. Retrieved 29 April 2008
.
- ↑
"Miriam Makeba Chart History"
.
Billboard
. Kulandwe ngomhlaka
30 April
2018
.
- ↑
Makeba, Miriam; Hall, James (1987),
Makeba: My Story
, New York: New American Library, p. 140,
ISBN
0453005616
- ↑
Makeba, Miriam; Mwamuka, Nomsa (2004),
Makeba: The Miriam Makeba Story
, Johannesburg: STE Publishers, p. 196,
ISBN
1919855394