한국   대만   중국   일본 
Inxoza - Wikipedia Jump to content

Inxoza

Mayelana Wikipedia
Inyanda yenxoza yokukhanya

INxoza iyisiqa semvelo noma sokuzakhela (esimbulu) eside ngokuphawulekayo kunokuba banzi. Inxoza ivame ukusetshenziswa uma kukhiqizwa ezinye izithako . Izithako zomngcikisho eziqatha zivame ukuhlanganisa nenxoza, ngokwesibonelo, inxoza yomcalahle kanye namagcezihwe anobunzima bamachembe aphezulu (ultra-high-molecular-weight polyethylene) .

Izinxoza ezididiyelwe zivame ukukhiqizwa ngemali ephansi futhi ngamanani amakhulu uma ziqhathaniswa nezinxoza zemvelo, kodwa endabeni yezambatho, izinxoza zemvelo zinemihlomulo efana nokunethezeka, kunalezo zokuzakhela.

Izinxoza zemvelo [ hlela | Hlela umthombo ]

Izinxoza zemvelo zitholakala ngobumo benxoza, futhi zihlanganisa lezo ezikhiqizwa yizitshalo, izilwane, nayimidludlungu yemvelo. Zonke zingajinjwa ngokuphathelene nendabuko yazo: