한국   대만   중국   일본 
Busi Mhlongo - Wikipedia Jump to content

Busi Mhlongo

Mayelana Wikipedia
Busi Mhlongo
Igama lokuzalwa Busisiwe Victoria Mhlongo
Ubezalwa ( 1947-10-28 ) ngoMfumfu 28, 1947 (Iminyaka 76)
Inanda , KwaZulu-Natali , Ningizimu Afrika
Ubefa 15 ngoNhlangula 2010 ( 2010-06-15 ) (iminyaka ama-62)
eThekwini
Izinhlobo u Mbaqanga , Reggae , Jazz
Abasebenzi Umbhali wamaculo, umdidiyeli womculo, umdidyeli oqophayo, Isangoma
Amathuluzi Iphimbo
Isikhathi 1960-2010
Amaqembu House of Memory, MELT2000 , Stern Music , Sheer Sound , Chissa Records
Amaviyo

Hugh Masekela


Busisiwe Victoria Mhlongo (28 ngoMfumfu 1947 ? 15 ngoNhlangulana 2010) wabe umgumculi odumil wombahqanga owabe eqhamuka endweni yase Nanda , KwaZulu-Natali .

Imvelaphi [ hlela | Hlela umthombo ]

UBusi Victoria Mhlongo wazalwa ngonyaka we-1947 eNanda KwaZulu-Natali. Wayengumculi odume kakhulu ngokuxuba uMbaqanga , Maskandi Reggae , Rock , Marabi nezinye izinhlobo zomculo. UBusi Mhlongo wayecula umhlaba wonke ecula futhi enezinkulungwane zabalandeli [1]

Udumo [ hlela | Hlela umthombo ]

Ngeminyaka ye-1960 uBusi wayekade ehamba umhlaba wonke ecula. Umculo wakhe wawubonga abantu abathize uphinde ukhuze isizwe ( Ebathenjini, Izizwe, Yehlisan' umoya ) umculo wakhe uthinte abantu abaningi nabaculi abaningi

Umdlavuza nokudluma emhlabeni [ hlela | Hlela umthombo ]

UBusi wayekade ephethwe Umdlavuza webele phecelezi i- Breast cancer , i- SABC yabamba i-Benefit concert ngonyaka wezi-2006 lapho abaculi abaningi babeculela uBusi kanti abalandeli benikela imali ukuze athole usizo uMhlongo. Ngonyaka wezi-2010 emva kokulwa nomdlavuza webele, ukufa kwamhlula ukufa uBusi walala okokugcina ngo15 June 2010 [2] [3] . UBusi ubekade engudadewabo ka Ndaba Mhlongo ewayedume ngokulingisa. UBusi ubekade eyi Sangoma kanti loku kwakunomthelela emculweni wakhe nobuyena.


Imithombo [ hlela | Hlela umthombo ]

  1. Harris, Craig. "Biography: Busi Mhlongo" . Allmusic . Kulandwe ngomhlaka 2 May 2010 .
  2. "Busi Mhlongo, queen of modern Zulu music, dead at 62" . Mail & Guardian . 16 June 2010 . Kulandwe ngomhlaka 23 January 2012 .
  3. Bradshaw, Paul. "Busi Mhlongo ? Urban Zulu & Queen of Maskanda 1947 -2010" . Mondomix. Archived from the original on 2 November 2010 . Kulandwe ngomhlaka 23 January 2012 .